Inhloso yale ncwadi ukwelekelela othisha nabafundi bamabanga 10 - 12 emshikashikeni wokufunda nokufundisa okuqanjiwe okuyizindaba neziqephu ezedlulisa imiyalezo. Le ncwadi izosiza kakhulu abafundi ekuphumeleleni ukuzuza umPhumela wokuFunda 3 kanye nasekubacijeleni izivivinyo zabo. Ibhalwe yehlukaniswa imikhakha emithathu. Kukhona imibhalo yokuziqambela, emide kanye nemifishane. Ngaphansi komkhakha ngamunye kunikezwe izinhlobo zemibhalo, kwachazwa uhlobo ngalunye kwaze kwanikezwa nezibonelo zakhona.
Ukubhala nokuqamba amatheksthi kuyinto eqhubekayo. Kubalulekile ukuthi umfundisi anikeze abafundi ithuba elanele lokuzejwayeza ukubhala okuqhubekayo.
Bavame ukunikezwa amathuba okubhala ngokukhululeka ngale kokuthi bayakuhlolwa.
Ekubhaleni okubekelwe kakhulu imigomo, abafundisi bacetshiswa ukuba bahlole ikhono elithile noma ikhono elincikile okusetshenzwa ngalo ngaleso sigaba esithile sesikhathi sokubhala. Isibonelo, wonke amakhono olimi kudingekile ukuthi aphathwe kuleso sigaba sesikhathi sokubhala, okwakuyindlela abafundisi ababenza ngayo ngesikhathi sakudala. Ngenxa yalokhu, ukubhala njengekhono kwakuvame ukunganakwa ngoba kwakudinga njalo ukuhlola okukhulu.
Ontanga kufanele bafunde ukuhlela imisebenzi yabanye ngoba lokhu kuyingxenye ebalulekile yenqubo yokubhala kubuye kuthuthukise ukuqashelwa kwenqubo yomfundi neyabanye.
Uhlangothi olubalulekile lwalo mphumela ukwethulwa komsebenzi obhaliwe. Kungabelwana nontanga, abafundisi, isikole sonkana, abazali noma izinhlobonhlobo zababambe iqhaza. Umfundi uyoziqhenya ngomkhiqizo ogcwele futhi ophelele.
Abafundi kumele bakwazi ukuchaza kafushane izinhlobo zemibhalo yokuziqambela njengoba kuchaziwe ngezansi.
Lena indaba lapho umbhali okukanye umxoxi exoxa ngesigameko esithile esake senzeka kuye, ake asibona senzeka komunye noma axoxelwa ngaso. Kuyenzeka kokunye umbhali abhale indaba ayisusela ekhanda. Lokho siyakuthola kwenzeka kakhulu kubafundi (ezikoleni). Kubalulekile ukuthi noma umfundi eyisusela ekhanda indaba yakhe kube yindaba ekholakalayo. Ngokuvamile umbhali wale ndaba usebenzisa inkathi edlule, umuntu okhulumayo noma okukhulunywa ngaye, ukuxoxa indaba yakhe.
Isigaba esiyisingeniso kufanele simhehe umfundi wendaba.
Indaba elandisayo kufanele ikholakale nakuba kungeyokuziqambela.
Indaba elandisayo ivame ukubhalwa ibe senkathini edlule.
Umuntu ofunda le ndaba kufanele ahlale elangazelele ukuzwa okulandelayo kuze kube sekugcineni.
Ukulanda okuyimpumelelo kugqamisa ngokusobala imizwa, efana neyokubona, eyokuzwa, eyokunambitha, eyokuhogela naleyo yokuthinta.
Isibonelo sesihloko sendaba elandayo: Mhla Sibanjwa Inkunzi Ebhange Elidumile Enkabeni Yedolobha Lakithi.
KwakungoLwesihlanu emini bebade kuphele inyanga kaNhlaba. Amakhaza ayeshubisa umkantsha enhla nezwe lakwaZulu-Natali. Yize amakhaza ayeqhantshisa ifinyila, abantu babephume ngobuningi babo bezokwenza izidingo zabo edolobheni laseMnambithi. Umuntu wayebona izinhlobo ngezinhlobo zezingubo, amabhulukwe, amajezi, amajazi kanokusho ngisho nezitshalagwayi imbala. Iningi labesilisa nabesifazane laligqoke izigqoko zewuli ezemboza izindlebe. Abesifazane bona wawungafunga uthi babetshelene ukuthi banezezele ngezikhafu ezintanyeni.
I-ABSA yibhange elivamise ukuthi libe nabantu abaningi kunamanye. Nangalolu suku kwakunjalo. Wayekhona unogada njengasemihleni ephethe isiqwayana sakhe nomshinyana ogijinyiswa emzimbeni womuntu lapho ezongena ebhange. Wonke umuntu owayengena emnyango wayedlula athole izibusiso kulowo mshinyana. Ngasondela nami nganikeza unogada ithuba lokuthi enze umsebenzi wakhe. Ngesikhashana nje ngabe sengingaphakathi ebhange.
Ngathi qala qala ngayibona indawo egcina amapheshana okufaka nokukhipha imali. Ngaqonda khona ngafike ngahosha laba linye elokukhipha (imali) ngaqalisa ukugcwalisa imininingwane efanele. Ngathi ngingaqeda ngazibandakanya nabantu ababeshaye uhele. Kwaba yisikhathi eside impela silokhu sisondela kancane kancane. Ngokuhamba kwesikhathi abasebenzi basebhange babonakala bephithizela bekhuluma okuthile kubantu ababesebhange. Lowo owasondela ngakithi wehlukanisa abantu imikhakha emibili - umugqa walabo ababezokhipha imali kanye nalowo owalabo ababezoyifaka. Nebala kwabanjalo kwadaleka imigqa yaba mibili. Mina ngangena emgqeni walabo ababezokhipha imali. Okwenza ngize ngizokhipha imali ngaphakathi ebhange ukuthi ngangifuna izinkulungwane eziyisithupha.
Umugqa walabo ababezokhipha imali emshinini kanye nalowo walabo ababezolondoloza wawushesha kunalona wethu. Ngangilokhu ngibabona bengena bededelana emgqeni wokukhipha nokufaka imali. Kwathi lapho ngifikelwa umqondo wokuthi ngivele nginikele khona ngimane ngikhiphe izinkulungwane ezimbili kuphela, ngabuye ngazikhuza ngathi angibekezele kuze kufike ithuba lami.
Esikhundleni sokuthi kwandiswe inani labemukeli nababali bezimali, bavele bancipha. Ngesikhashana nje izindawana abasebenzela kuzo zabe sezibhalwe umbhalo othi 'kuvaliwe'. Sabekezela kunjalo ngoba sasiyidinga imali. Kwaba sengathi ngiyaphupha lapho sekulithuba lami lokuthi ngisondela kumamukeli nombali wezimali. Wangisheshisela wacofoza ikhompyutha kabili kathathu ngomzuzwana wayibala imali wanginikeza. Ngayithatha maqeda ngabonga ngavalelisa.
Kwathi lapho sengibheke emnyango ngabona unogada ekhiya umnyango wabangenayo kanye nalowo wabaphumayo. Sisamangele sabona kuvela onogada ngaphakathi ebhange bephethe amabhokisana emali. Ababili baqonda emshinini wokukhipha nokufaka imali bafike bawuvula baqalisa ukufaka imali. Wonke amehlo abantu aphenduka athi njo kulabo nogada. Mina ngangibalisa ngenhliziyo ukuthi abasaqedi ngani sizovulelwa emnyango siphume ebhange.
Noma umuntu engakaze asiphathe isibhamu kodwa uba nalo ulwazi lomsindo wesibhamu esilungiselelwa ukudubula. Kwaba njalo ngenkathi sisathathekile ngonogada ababefaka imali emshinini. Lapho siphendula amakhanda amehlo ethu ebheka ngalapho okwakuzwakala ngakhona imisindo ehlukahlukene yezibhamu zilungiselelwa ukudubula, umuntu owayelapho wabona omunye elala phansi ngesisu naye wenze njalo. Nami ngazibona sengilele cu phansi ngale kokuthi vu. Ngesikhathi abanye abantu bethulula imali ezisefeni ezikumakhompyutha, abanye bethatha leya eyayifakwa ngonogada emshinini, abanye babezikhiphela izimali ezikhwameni zethu. Okwenzeka lapho kwenzeka ngokuphazima kweso. Ngomzuzwana kwatheleka ezakwadalawane. Akusisizanga ngalutho ngoba kwabe sekusemva kwendaba. Izimali zethu zabe sezithathiwe.
Umuntu akafi ukwethuka ngoba angifanga ngalelo langa wuvala olwangishaya ngemuva kwaleso sigameko. Nanamuhla ngisethuka kubande kwamancane uma ngicabanga ngaleso sigameko.
Lena indaba lapho umbhali kumele achaze isimo esithile, umuntu othile noma indawo ethile. Njengoba nesihloko sisho, kumele umbhali wale ndaba asebenzise amagama achazayo kakhulu. Ngale kwalokho umbhali usebenzisa kakhulu ulimi olusenkathini yamanje.
Umlobi kumele aqikelele ukuthi ukhetha isihloko asazi kahle. Isizathi ukuthi kulukhuni ukuchaza into ungenalo ulwazi oluphelele ngayo.
Umlobi kumele akhethe ngokucophelela amagama nezimo zokukhuluma.
Amagama asetshenziswa ngumlobi kumele akhe isithombe esikhanya bha.
Umlobi angasebenzisa imifanekisomqondo yokubona, yokuhogela, yokuzwa, yokunambitha kanye neyokuthinta ukuze imelekelele ukwenza akuchazayo kukhanye bha.
Isibonelo sesihloko sendaba echazayo: Umuntu Engimkhozile Empilweni Yami.
Umfundi obhala ngalesi sihloko kulindeleke ukuthi asichazele ngalo muntu athi umkhonzile.
Umuntu Engimkhozile Empilweni Yami.
Abazali ngibehlukanisa imikhakha emibili. Kukhona abazali abaletha abantwana emhlabeni ngenhloso bese kuba khona labo ababaletha ngephutha. Sebebazele abantwana abazali babaphatha ngezindlela ezingefani. Kunabazali abangenalo nhlobo uthando lwabantwana babo bese kubakhona labo ababathandayo. Umama wami ungomunye wabazali ababathandayo abantwana babo. Kungaleso sizathu nami ngimkhonzile.
Yize umama engazange ashade, mncane kakhulu umehluko wothanda lwabazali bethanda abantwana babo, uma ukhona, phakathi kwezingane ezizalelwe emishadweni kanye nathi esingazalelwanga emshadweni.
Angingabazi ukuthi iningi lomakhelwane liyazibuza liyaziphendula ukuthi umama wakwazi kanjani ukusakhela umuzi, ukwazi kanjani ukuthi zonke izinsuku silale sidlile, sibe nezimpahla zokwembatha, siye esikoleni njengezinye izingane zakomakhelwane futhi sibukeke singumndeni othokozile.
Umuzi wakithi mncane kakhulu lapho uqhathaniswa naleyo yomakhelwane. Kunendlu eyodwa qwaba. Le ndlu inekamela lokuphekela, ikamela lokulala kanye nelinye lokuhlala nokudlela. Nakuba indlu yakithi incane siyakwazi ukulala kuyo sobahlanu, umama, yimi kanye nodadewethu abathathu. Le ndlu ayinazo izimpahla ezitheni. Ekameleni lokuphekela kukhona isitofu esidala samalahle, iWelcome Dover. Eceleni kwaso kumi itafula lamapulangwe elinemilenze emine emifishane. Phezulu lembozwe ngendwangu yepulasitiki emabalabala. Ngaphezulu kubekwe indishi yepulasitiki yokugezela izitsha. Ngaphansi kwetafula kunamabhakede epulasitiki amane ahlala egcwele amanzi. Eceleni kwetafula kumi ikhabethe elinsundu ngebala. Phakathi linamakomitshi, izitsha, ushukela, izinkambi zetiye, amafutha okupheka kanye nokunye ukudla.
Ekameleni lokulala kumi umbhede omkhulu omiswe ngezitini ezibomvu. Wembozwe kahle ngezingubo ezihlanzekile. Ngezansi kombhede kumi iwadilophu enkulu ensundu. Phezu kwayo kunezingubo zokulala ezisongwe kahle zafakwa emapulasitikini. Ngaphansi kwewodilophu kugcinwe izicathulo zethu zesikole. Ezinye izicathulo zethu kanye nezikamama zinendawana yazo obondeni ngemuva kwesivalo.
Ekameleni lokuhlala nokudlela kunosofa abane, itafula elinemilenze emine emifishane, ikhabethe elikhulu elimhlophe elinendawo yokubeka umabonwakude olingene nje. Ekhoneni ngasesandleni sokudla kunomsakazo obekwe phezu kwetafula elinemilenze emine emifishane.
Noma singadli ukudla esikufisayo ngaso sonke isikhathi, umama uyakwazi ukusithengela ukudla okusigcina inyanga yonke engakaholi kwamlungu amsebenzelayo. Ngaphambi kokuthi siye esikoleni sidla isinkwa esinsundu esigcotshiswe ibhotela sisehlise ngetiye elinobisi. Ntambama lapho sibuya esikoleni sisika isinkwa sithose amaqanda kokunye siwabilise maqede sehlise ngetiye. Kusihlwa sibasa isitofu samalahle sipheke iphalishi kuye nokuthi isiphi isishebo esikhona ngalolo suku.
Singamantombazane amane asafunda isikole. Umama uyaqikelela ukuthi usithengela umfaniswano wesikole lapho usuguga. Njengamanje sonke sinomfaniswano wesikole obukekayo. Ngaphezu komfaniswano wesikole umama ubuye asijabulise ngezimpahla zokuswenka. Unendlela yakhe ethe phecelezi yokusithengela izimpahla zokugqoka. Lapho kulusuku lokuzalwa lomunye wethu, umama umthengela izimpahla amsuse phansi amkhiphe phezulu. Nathi siyazinakekela izimpahla umama asithengela zona. Umama usikhuthaza ukuthi ngaso sonke isikhathi sihlale sihlanzekile.
Umama ungumuntu othanda ukuthi umuntu nomuntu abe nezincwadi zokufunda zonke, izincwadi zokubhalela, amapeni, isikhwama sokuphatha izincwadi, nazo zonke ezinye izinto ezisetshenziswa esikoleni. Uncamela ukuthi amane aboleke imali kumlungu amsebenzelayo lapho kudingeka into ethile esikoleni. Selokhu sangena esikoleni asikaze sithelwe ngehlazo lokuhlale sikhunjuzwa phambi kwabafundi ukuthi asiyikhokhile imali yesikole. Esikoleni lapho izingane zoNtokaji noNtazinga zidla izikhambane namagwinya, nathi siyakudla.
Abantu abaningi bayakuthokozela ukuhlala beseduze kukamama, akukhathalekile ukuthi kunjani. Kukubi kukuhle umama uhlala eyinto eyodwa. Kwala ngisho umuntu emonile akambambeli igqubu. Kuneziwombe lapho thina zingane zakhe siye simephule umoya. Cha, akasidubi kodwa uhlala phansi azinike isikhathi nathi asibonise ukuthi simone kanjani bese esibonisa ubungozi bento esiyenzile. Kuyaye kuthi singabonisana ngamaphutha ethu ebese edlula kulokho. Ingakho ngithi umama ungumuntu omnandi.
Ngenxa yokuba nohlobo lukamama esinalo, asilali phandle kodwa sinompheme oyindlu yokufihla ikhanda, silala sidlile njengabanye abantwana, sinazo izingubo zokufihla imizimba, sifunda isikole futhi singumndeni onothando nokuthula.
Lena indaba lapho umlobi ecabanga ngombono abuye anikeze impendulo yakhe enganyelwe wutho kanye nemizwa. Le ndaba ijeqeza emuva esigamekweni esike senzeka. Umbhali-ke lapha ubeka imibono yakhe ngokwenzekile, acacise okuhle, namaphutha, bese enza izincomo ngokuthi ubona kufanele kwenziwe njani ukuguqula isimo salokho ngokuzayo.
Lolu hlobo lwendaba sivame ukulubona emibhalweni engama-eseyi. Lapha umbhali ubeka uvo lwakhe ngesihloko esithile. Akusho ukuthi akushoyo kuliqiniso kepha yilokho akucabangayo ngabantu, ngesintu noma ngempilo nje. Lokho akubekayo kuhle kusekelwe ngamaqiniso ukuze kungamdini lowo ozofunda indaba. Indaba enje ingaveza ukujula komqondo wombhali futhi abaningi bayithatha njengeqiniso lempela.
Indaba eningayo yenganyelwa yinto noma abantu.
Imizwa nokuthatheka kwenhliziyo kubamba iqhaza elibalulekile kakhulu kule ndaba.
Ingxenye enkulu yendaba ingaba ngechazayo. Lokhu kuchaza kufanele kukhanye futhi kuveze imizwa kanye nenkumbulo yomlobi lowo.
Imibono/imicabango eveziwe kufanele yembule ubuqiniso kanye neqhaza elibanjwa umlobi.
Lapha-ke umbhali uzojeqeza emuva aneke imibono yakhe ngobandlululo. Engxoxweni yakhe uzoveza amaphutha awabona enzeka maqede aveze ukuthi ubona kumele alungiswe kanjani. Kuzokhumbuleka ukuthi ayikho into enobubi kuphela.
Ubandlululo yisikhali esasetshenziswa ngabantu abamhlophe ukutshala nokunisela umqondo wokuthi abantu abamhlophe babalulekile futhi bangcono kunabantu abamnyama kanye nokucindezela abantu abampisholo. Ukuze kuphumelele lokho abantu abamhlophe bashaya imithetho eminingi ebalelwe eyi-148 ePhalamende.
Ngonyaka we-1950 iPhalamende laphasisa umthetho wokwehlukanisa abantu ngokobuhlanga. Lo mthetho wawenqabela abantu ukuthi bahlale lapho befisa khona. Isibonelo nje, umXhosa kwakumele impilo yakhe ilawulwe eTranskei, umSuthu eFulesitata, umVenda eVenda, umZulu kwaZulu, njalonjalo. Lokhu kwakuchaza ukuthi noma abantu babesebenza emadolobheni kodwa babesaphethwe ngamakhosi ababevela kuwo. Labo ababehlala emadolobheni babehlala emalokishini, bengavunyelwe ukuhlala emadolobheni. Emadolobheni babegcina ngokusebenza. Nakhona emalokishini lapho kwakumele babe nezimvume ezazihlale zivuselelwa emakhosini nakoNdabazabantu. Ngemuva kokuphasisa umthetho owawenqabela abantu ukuthi bahlale lapho befisa khona, ngonyaka we-1956 abantu ababehlala edolobheni iSophiatown basuswa ngendluzula basiwa eSoweto, eMeadowlands.
Umthetho wokuphathwa kwamapasi wawehlisa isithunzi abantu abampisholo. Abantu abampisholo kwakumele ukuthi lapho babehamba khona baphathe amapasi. Lawo mapasi kwakuba izincwajana okwakungelula ukuthi abantu bazifake ezikhwameni zamabhulukwe. Zazibaphoqelela abanikazi ukuthi bagcine ngakho ukuzilengisa ezintanyeni. Umuntu owayetholakala engaliphethe ipasi wayeboshwa.
Ngonyaka we-1953 iPhalamende laphasisa umthetho owawehlukanisa abafundi babantu abampisholo kwabamhlophe. Inhloso enkulu yalokho kwabe kuwukwenza abantu abampishilo bazizwe bephansi lapho beqhathaniswa nabamhlophe. Lokho kwakulungiselela abantu abampisholo ukwenza imisebenzi ephansi kuneyabelungu.
Imithetho eyayishayelwa ukucindezela abantu abamnyama yaholela ekutheni abantu abamnyama balwisane noHulumeni. Ngonyaka we-1955 abantu ababalelwa ezinkulungwaneni bahlangana edolobhaneni, iKliptown ukuzozwakalisa ilaka labo ngezinto ezazingabaniki ukuthula. Lokho kwaholela ekutheni kusungulwe iqembu lezombusazwe, i-African National Congress (ANC). Mhla ka-09 kuNcwaba 1956 abantu besifazane ababalelwa ezi-20 000 bamasha balibhekisa ezindlini zoMbuso ePitoli ukulwisana nomthetho wokuphathwa kwamapasi. Ngonyaka we-1960 eSharpville elokishini labantu abampisholo eVereeniging iqembu elabe lingamahlubuka e-ANC elalizibiza ngokuthi iPAC lagqugquzela abantu ukuba benze inhlabaluhide yokulwisana nokuphathwa kwamapasi. Amaphoyisa adubula abulala abantu abangama-69, kwathi abali-180 balimala kabi. Ngenxa yaleso sigameko I-ANC kanye nePAC babona kungcono basungule enye indlela yokulwa noHulumeni.
I-ANC yaqala yacekela phansi izikhungo zikaHulumeni ezinkulu ezifana no-ESCOM. Ngonyaka we-1976 abafundi baseSoweto bavuka umbhejazane belwisana nohlelo lukaHulumeni lokuthi abantu abampisholo bafunde ingxenye yezifundo zabo ngolimi lwesiBhunu nalapho amaphoyisa adubula abulala amakhulu ngamakhulu abafundi. Ngonyaka we-1977 uHulumeni wabopha wagcina ngokubulala uSteve Biko. Lokho kwaphinda kwathukuthelisa abafundi abamnyama bathelwa ngezibonkolo. Ukuphumelela kwabantu baseMozambique ukuhlwitha izintambo zombuso kubeLungu kwenza abantu baseNingizimu Afrika balwisana kakhulu nobandlululo kunakuqala.
Ngonyaka we-1983 uP.W. Botha, owayenguMongameli wezwe wenza uguquko wavumela amaNdiya namaKhalathi ukuthi amelwe ephalamende. Lokho kwakusho ukuthi abantu abamnyama kuphela ababengenalo ilungelo lokuvota nokumelwa ePhalamende. Ngokuphazima kweso abantu abampisholo basungula iqembu le- United Democratic Party (UDF) ukulwisana nalowo mthetho. Ngonyaka we-1985 i-ANC eyabe isekudingisweni yathumela umlayezo wokuthi abantu benze iNingizimu Afrika ingabuseki. Yabe iganele esokeni entsheni. Intsha yagcwala izitaladi izwe alaze labuseka.
Noma ubandlululo lwalulubi kodwa zikhona izinto ezinhle ezagqama ngalo. Ngenxa yokuthi imithetho yobandlululo yayigqugquzela ukuthi abantu bahlale ngokobuhlanga, kwanda ukwazisana kubantu bohlanga ngalunye. Amakhosi abuyelwa yizithunzi zawo ngoba yiwo ayephethe izintambo zombuso emaphandleni. Lokho kwakhulisa inhlonipho yamakhosi nezinduna kubantu. Izingane zazifundiswa inhlonipho zisencane maqede zikhule nayo, zihloniphe ngisho sezikhulile. Ukuhlala nganxanye kwabantu bohlanga olulodwa kwakwenza abantu baqhakambise izindimi kanye namasiko abo.
Kuyathokozisa ukuthi imithetho yobandlululo olubabayo igcine igudluziwe. Abantu sebehlala lapho inkece yabo ibavumela ukuthi bahlale khona. Mangikusho futhi ukuthi noma izindonga zobandlululo sezabhidlizwa, basekhona osikhwili phambana nobhoko, abasayisebenzisa eminye imithetho yobandlululo emiphakathini kanye nasezikhungweni zemisebenzi.
Indaba edaza inkani ifuna umbhali aqale ngokukhetha uhlangothi esihlokweni abhala ngaso. Umbhali angakhetha ukuvumelana nesihloko okukanye aphikisane naso.
Isibonelo sesihloko sendaba edaza inkani: Imali Yeqolo UHulumeni Ayinikeza Omama Abampofu Ikhuthaza Ukukhulelwa Kwentsha.
Lapha umbhali kumele aqale ngokuvumelana necala elilodwa ngokuba avumelane nesihloko okukanye aphikisane naso.
Imali Yeqolo UHulumeni Ayinikeza Omama Abampofu Ikhuthaza Ukukhulelwa Kwentsha.
Ukuthi ubani owathi imali eholelwa abantu besifazane abampofu imali yeqolo nanokuthi yiziphi izizathu ezaholela ekutheni athi yimali yeqolo, asazi. Iqiniso elingenakuguquka esesilazi ukuthi umuntu owaqhamuka naleli gama walifaka maqede lachuma. Namuhla umuntu okhuluma isiZulu uyazi ukuthi kuqondweni ngemali yeqolo.
Yize kuthiwa inhloso kaHulumeni ngemali yeqolo ukwelekelela imindeni empofu ekukhuliseni izingane ezizalwa ngabazali abahola kancane kanye nalabo abangasebenzi sanhlobo, kodwa okwenzekayo kuyaphikisana nalokhu. Okugqamile ngale mali ukuthi ikhuthaza ukukhulelwa kwentsha.
Imali yeqolo yimali eholwa ngomama nyanga zonke beyiholela abantwana abavela emindenini empofu. Le mali omama bayihola kusukela onyakeni wokuqala umntwana ezelwe kuze kuyokuma eminyakeni eyishumi nane. Maningi futhi amathuba okuthi uHulumeni ayandise iminyaka yabantwana ize ifike eminyakeni eyishumi nesikhombisa.
Umntwana ngamunye unesabelo esingamarandi anga-R240. Umzali onabantwana abathathu noma ngaphezulu uthola umthanyana impela. Lokhu akusho lutho kumuntu ongaswele kakhulu kodwa kumuntu oyidinga ngendlela exakile imali kumenza acabange ajule. Bakhona abagcina ngokuzibuza beziphendula ukuthi kungenzekani uma bengathola abantwana ukuze nabo bahole le mali. Kanjalo bakhona nabangakungabazi ukuthi izimpilo zabo zingaguquka kakhulu uma bengahola imali yeqolo.
Njengoba intsha yentula imisebenzi, iningi liyadudana ngokuthi likhulelwe ukuze likwazi ukufinyelela emalini yeqolo. Izinkomba zikhomba ukuthi selokhu uHulumeni aqhamuka nemali yeqolo intsha isikhulelwa kakhulu kunakuqala. Okunye okugqamile ukuthi intsha eningi isisheshe ithole abantwana kungakafiki sikhathi.
Yize ulwazi luluhle kodwa lubi ngesinye isikhathi. Ingakabi bikho imali yeqolo abantu babengazi lutho ngayo ngoba vele yayingekho. Abantu baqala ukuxoxa nokwazi ngayo mhla uHulumeni eyisungula. Ozwile watshela omunye nomunye watshela omunye. UHulumeni wasebenzisa imisakazo nomabonwakude ukusabalalisa ulwazi. Yilo lolo lwazi olwangena ezingqondweni zabantu maqede lwabayaluzisa. Ongezwanga kahle wabuzisisa kozwe kahle. Ubani ongathi esephakathi kokufa nokuphila akhethe ukufa ebe azi kahle ukuthi usenalo ithutshana lokuqhubaqhubeka nokuphila Noma ikhona intsha ekhetha ukukhulelwa ingenancindezi yendlala kangako, iningi lentsha likhetha ukukhulelwa ngoba sekumele likhethe phakathi kokufa nokuphila. Lapho selijamelene nendlala kanye nezindleko zempilo, iningi likhetha ukuphila kunokuba life ngokuthi likhethe indlela ebukeka sengathi ingcono kunokuziyekelela ekubhuqabhuqweni yindlala?
UHulumeni ubukeka ephandela emuva okwenkukhu ngokuthi ashumayeze abantu, intsha ikakhulukazi, ukuthi bafunde ukuzithiba ocansini uma behluleka basebenzise amajazi omkhwenyana kodwa yena futhi labo abahlulekile ukuzithiba ukuya ocansini ebanikeza umhlomulo oyimali. Abukeka emancane amathuba okuthi intsha izowuthola umsebenzi ngobuningi kulezi zinsuku. Imisebenzi iyantuleka kakhulu. Intuleka injalo nabaqashi abathuke beqasha abantu babukeka bengazimisele neze ukuholela abasebenzi amaholo agculisayo. Ngenkathi intsha ibhekene nengcindezi yokungasebenzi, uHulumeni ubukeka edala ithutshana lokuphefumula entsheni ngokuthi aholele omama babantwana ngale kokusebenza. Akuvamile ukuthi umuntu ale aphethe ukuthatha into yamahhala.
Le ndaba ihlobene kakhulu nendaba edaza inkani. Okufanayo ukuthi kuzo zombili lezi zinhlobo umbhali ubeka imibono yakhe. Umehluko okhona ukuthi endabeni eqhathanisayo umbhali kulindeleke ukuba abhale ngamacala womabili. Silindele ukuba asivezele ubuhle kanye nobubi bento axoxa ngayo. Okumnandi ngalolu hlobo lwendaba ukuthi umbhali ukushiya kumfundi wendaba ukuba azithathele yena isinqumo ukuthi yiliphi icala alibona lingcono kunelinye.
Isibonelo sesihloko sendaba eqhathanisayo: Kuhle Kubi Ukuthi Abantu Besifazane Bahoshule Izisu.
Kuhle Kubi Ukuthi Abantu Besifazane Bahoshule Izisu.
UMthethosisekelo wezwe lakithi ukubeka kucace ukuthi abantu besifazane abakhulelwe bakhululekile ukuthi bangazihoshula izisu lapho kuvela isidingo. Uma kukhulunywa ngokuhoshulwa kwezisu kufika imibuzo eminingi kulowo olalele. Yini ukukhipha isisu Iqala nini imbewu ehlangene neqanda ukuba ngumuntu Bukhona yini ubulungiswa ekuhoshuleni isisu Kuhle ngani ukuhoshula isisu Kubi ngani ukuhoshula isusu Umuntu onukubezwe ngokocansi maqede wakhulelwa kufanele enzenjani Lapho imishini ekwazi ukuveza ingaphakathi lomuntu wesifazane okhulelwe iveza ukuthi umama ukhululwe umntwana oyisidalwa kumele alinde aze amzale Lapho kubonakala ukuthi impilo kamama okhulelwe isengozini yokushabalala ngenxa yosana alukhulelwe ngabe kumele ancamele ukufa Le ngxoxo izonikeza izimpendulo zale mibuzo kanye neminye engabuzwanga lapha?
Ukuhoshula isisu isenzo sokubulala umntwana noma abantwana abasesesiswini sikamama maqede bakhishelwe ngaphandle komzimba kamama okhulelwe. Ziningi izimo eziholela ekutheni umuntu wesifazane agcine esekhulelwe. Bakhona abantu besifazane abakhulelwa ngenhloso ekanti bakhona nalabo abakhulelwa bengathandi. Kunabanye abakhulelwa ngenhloso kodwa kuthi lapho sebekhulelwe baguqule imiqondo yabo ngenxa yezimo ezithile.
Kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthi ngiveze ubuhle kanye nobubi bokuhoshula izisu ngiqale ngokuchaza ukuthi iqala nini imbewu ehlangene neqanda ukuba ngumuntu. Odokotela nothisha ezikoleni bathi uketshezi oluphuma kumuntu wesilisa lunembewu ebalwa ngezinkulungwane lapho icwaningwa. Bathi kuleyo mbewu eningi iba yinye vo ehlangana neqanda lomuntu wesifazane maqede ichamisele iqanda. Bathi konke lokhu kwenzeka epayipini elincane elikumuntu wesifazane ngaphakathi. Ngemuva kwezinsuku ezintathu iqanda elihlangene nembewu lehlela esibelethweni. Ngenkathi kwenzeka lokhu kuba nokuphindaphindeka kwamanye amaseli okwenza iqanda elinembewu likhule ngesisindo. Okudaleka lapho emasontweni amabili kuya kwayisishiyagalombili kuye kubizwe ngokuthi umbungu. Ngalesi sikhathi ziyaqala ukubonakala izimpawu zokuba ngumuntu. Umbuzo uthi iqala nini imbewu ehlangene neqanda ukuba ngumuntu Kungabe umuntu okhipha imbewu ehlangene neqanda zingakabi bikho izimpawu zokuba ngumuntu naye ukhipha isisu Lowo umbuzo udinga ingxoxo yawo yodwa?
Kulabo abangamakholwa abukho neze ubulungiswa ekuhoshuleni izisu. Isizathu esigqamile lapho ukuthi uNkulunkulu ukubeka kucace emthethweni elishumi, eBhayibhelini ukuthi umuntu angabulali. Ukuhoshula isisu isenzo sokubulala umntwana noma abantwana abasesesiswini sikamama maqede bakhishelwe ngaphandle komzimba kamama okhulelwe. UHulumeni uthi abantu abakhulelwe bangazihoshula izisu ngokuthanda uma kuvela isidingo. Kumele kulalelwe bani Abaholi bezwe bashaya umthetho ongqubuzanayo nemithetho kaNkulunkulu. Akubo bonke abantu abakhele leli zwe abangamakholwa. Yingakho uHulumeni ethi abantu abakhulelwe bangazihoshula izisu. Akasho ukuthi kumele abantu abakhulelwe bazihoshule izisu kodwa uthi bangazihoshula uma bebona isidingo. Ukube ubethi abazihoshule ubeyobe uqeda ilungelo lomuntu lokuzikhethela?
Umuntu onukubezwe ngokocansi maqede wakhulelwa kufanele enzenjani Kumele asebenzise ilungelo lokuzikhethela. Uma ezwa ukuthi akamdingi umntwana ongahlelelwanga, unalo ilungelo lokumhoshula uma kungashayisani nenkolo yakhe. Nalowo okushayisanayo nenkolo yakhe unalo ilungelo lokumthwala izinyanga eziyisishiyagalolunye aze ayombeletha. Lapho esembelethile angamusa kosonhlalakahle ukuze kulandelwe imigudu efanele umntwana agcine esedluliselwe kulabo abamdingayo?
Lapho imishini ekwazi ukuveza ingaphakathi lomuntu wesifazane okhulelwe iveza ukuthi umama ukhulelwe umntwana oyisidalwa okukanye kubonakala ukuthi impilo kamama okhulelwe isengozini yokushabalala ngenxa yosana alukhulelwe, lowo okhulelwe kumele asebenzise ilungelo lakhe lokuzikhethela. Umuntu osecelene kulula ukuthi athi umama usengaze akhethe ukufa yize enalo ithuba lokuphila kuphela nje uma ehoshula isisu. Kulowo ophakathi kokufa nokuphila, elikholwa noma engesilona, isinqumo kumele siphume kuye, angafunzwa ngesinqumo okumele asithathe.
Indaba yokuhoshula izisu iya nokuthi umuntu ukholelwa kuphi nanokuthi uzithola ekusiphi isimo. Komunye njalo kuya nokuthi yini ayiqhakambisayo phakathi kwempilo yakhe kanye naleyo yosana.
Incwadi yobungani iba nekheli lalowo oyibhalayo, usuku olubhalwe ngokugcwele. Kungasetshenzisa igama lenyanga lesiZulu noma lesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu. Le ncwadi iba nesingeniso umzimba kanye nesiphetho. Njengoba kuyincwadi yobungani, oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile. Yize ibhalwa ngolimi olukhululekile, oyibhalayo akumele asebenzise ulimi lwasemgwaqeni okuwulimi olungavumelekile.
Anganikeza abafundi isikhathi esanele sokubhala.
Angatshela abafundi babhale lokho abafisa ukukubhala ngesihloko abanikezwe sona, abakalele isikhathi sokwenza lokho.
Angatshela abafundi bahlale becabanga ngenhloso yencwadi nokuthi iqondiswe kubani.
Angatshela abafundi babhale amaphuzu ngangokuthanda/ngangoba bengakwazi.
Angatshela abafundi ukuthi uma kukhona abangasakukhumbuli bashiye izikhala.
Angatshela abafundi bangakhathazeki ngamaphutha abawenzayo, ngoba bazowalungisa kamuva.
Ukulungisa izimpawu zokuloba, njalonjalo.
Uhambo lwami ngisuka lapho kwaNongoma ngiza ngapha eGoli lwaba luhle futhi lwaba mnandi kakhulu.
Umshayeli owayeshayela itekisi kwakuyimvu yinkosi. Abantu engangigibele nabo babezijabulele becula kumnandi kudelile. Umshayeli wasidlalela amaculo omasikandi sisuka lapho saze sazofika ngapha eGoli. Abagibeli kwakungathi babetshelene ngoba babecula bonke belekelele omasikandi. Bangamagagu abantu bangakini uyezwa! Indlela angiyizwanga neze.
ESoweto ngafika liqeda kushona nje. Kwaba ukungena nje ekhaya zathi mbo izingane zakithi zifuna ngizixoxele ngohambo lwami. Zazibuza inkithikithi yemibuzo, zifuna ukwazi kabanzi ngendawo yakwaNongoma, ezigcina ukuzwa ngayo ezindabeni. Kwathi lapho umama eqhaqha isipho engasiphiwa kubaba wakho bajabula bonke endlini.
Kuzomele sihlele maduze nje ngiphinde ngize lapho. Phela ngayithanda leya ntombi yakwaNxumalo. Pho yinhle yini madoda! Sengathi ngiyayibona lapho seyihleka kuthi faca izihlathi. Uzele ubaba uNxumalo uyezwa! Ungakhohlwa phela ukude ungikhonzela kuyo.
Yize kusamisiwe ukuqasha efemini yethu, ngizoloku ngiqhubeka nokukukhulumela kubaphathi. Uhlalele ethembeni wena izinto zizolunga.
Khonza kubo bonke lapho ekhaya.
Lolu hlobo lwencwadi lubhalwa ngumuntu ebhalela isihlobo sakhe esikhalisa ngalokho okubi okusivelele.
Ikheli nesibingelelo siyafana naleso sencwadi yobungane.
Basebenzise amagama ahambisana nesimo.
Azithi zisuka amadaka obhalayo abe emkhalela lowo obhalelwayo.
Lapho obhalayo eseyiphetha le ncwadi akangalibali ukukhombisa uzwelo ngesehlo esehlele lowo ambhalelayo. Akakhiphe amazwi amqinisa idolo.
Ngidabuke kakhulu ukuzwa ukuthi navelelwa ingozi kwedlula umzala, uShongani. Akwehlanga lungehli, wena kaMshibe. Sonke sizodlula lapha nakuba singazi ukuthi kanjani.
Sengathi ngiyambona umzala wami madoda lapho esehleka kuvele elomhlathi. UMdali onguMenzi wezinto zonke okunguyena obeseboleke yena uzolenza icebo lakhe.
Ngicela ungedlulisele ukudabuka kwami okukhulu kumalumekazi nakumzala uNtozakhe nakubo bonke ekhaya. Ningangabazi nakanci ukungithinta uma kukhona enifisa ukuba nginisize ngakho kulesi sikhathi esinzima kangaka.
Niphile nonke ekhaya, iNkosi ibe nani.
Incwadi yokuzichaza ngumbhalo ongumlando womuntu ngamafuphi. Lo mbhalo uba nemininingwane yakhe, imfundo yakhe, imikhakha aseke wahlabana kuyona, imisebenzi aseke ayenza kanye nemininingwane yabantu abangathintwa ukufakaza ngaye. Le ncwadi isetshenziswa ngumuntu ofuna umsebenzi ngenhloso yokuzichaza ngamafuphi kumqashi.
Amagama nezibongo, indlela ohlobene nabo ngayo noma izikhundla zabo, amakheli abo kanye nezinombolo zabo zocingo.
Lolu hlobo lwencwadi luvamise ukubhalwa ngesilungu, kodwa kuyajabulisa ukuthi nesiZulu sesiyasetshenziswa njengalokhu izilimi sezilingana nje.
Kumele lube namakheli amabili, abhalwa ngokujwayelekile. Eyobhalelwayo ayibi nalo usuku.
Lubhalelwa umuntu othile onesikhundla enkampanini ethile. Ngakho-ke kumele obhalayo agagule isikhundla salowo ambhalelayo ngaphambi kokubhala ikheli lesibili.
Lunesibingelelo esingagaguli igama lomuntu kodwa kubhalwa ukuthi Mnumzane noma Nkosikazi noma Nkosazane.
Ludinga obhalayo abhale isihloko salokho abhala ngakho ngosonhlamvukazi.
Ludinga obhalayo achaze kahle ngokugcwele lokho akhuluma ngakho. Kumele asebenzise amagama afana nalawa: Ngiyothokoza, ngiyojabula, kuyongithokozisa.
Ludinga abesifazane baveze ukuthi bashadile noma cha ngokubhala uNksz. noma uNkk. emva kokusayina incwadi esiphethweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi lowo obhalelwe azi kahle ukuthi ubhalelwe ubani.
Ngibhala le ncwadi ukucela isikhala sokuba ngumshayeli webhasi njengoba sasikhangiswe ephephandabeni ISOLEZWE langomhla ka-7 kuMandulo 2009.
Ngineminyaka engama-45, ngiganiwe futhi ngiphile kahle. Ngiphase uMatikuletsheni ngo-1988. Nginezincwadi zokushayela amaloli amakhulu kanye namabhasi engazithola eminyakeni engama-20 edlule. Kusukela ngo-1989 kuze kube ngo-2007 ngangikade ngisebenza enkampanini yamabhasi iBig Ben esendaweni yaseKranskop. Ngaba neshwa lokuba ngomunye walabo abadilizwa ngenkathi abaphathi nenyonyana yabasebenzi bevumelana ngokuthi kuncishiswe inani labasebenzi. Nginekhono lokushayela ngokucophelela. Kusukela ngaqala ukushayela angikaze ngibandakanyeke engozini yomgwaqo. Nginalo futhi ikhono lukusebenzisana nabanye abashayeli kanye nelokuphatha kahle abagibeli.
I-intavyu ingxoxo lapho kubakhona umuntu noma abantu abalidlanzana ababuza omunye imibuzo bephindelela ngenhloso yokwazi kabanzi ngaye. Kungabuzwa kabanzi umuntu ofuna umsebenzi kokunye kubuzwe umuntu ngenhloso yokuthola ulwazi ngento ethile eyenzekile noma esazokwenzeka. I-intavyu ingenziwa bukhoma, kuThelevishini, emsakazweni noma ocingweni. Ikhona futhi i-intavyu ebhalwa phansi njengenkulumo-mpendulwano.
Msakazi : Kuyinjabulo kimi ukuthola ithuba lokuba unginike isikhathi sokukhuluma nawe.
Mculi : Nami ngiyathokoza kakhulu ukukhuluma nawe kulo msakazo odume kangaka, ngizwiwe abalandeli bami nabalaleli bakho abaningi.
Msakazi : Ngabe leli gama obizwa ngalo elakho ngempela noma elomsebenzi?
Mculi : Igama lomsebenzi engalinikwa abangane bami ikakhulukazi enginabo eqenjini lami.
Msakazi : Lavela kanjani?
Mculi : Ngangishaya kakhulu isiginci bachazeke kakhulu base bengibiza ngoGuitarman.
Msakazi : Awutshele abalaleli bomsakazo nabalandeli bakho ukuthi ngempela wena ungubani, uqhamukaphi?
Msakazi : Ubani ongathi wakufaka ugqozi lomculo?
Mculi : Abazali bami nabo bangabaculi. Ubaba nomama bebevamise ukucula esontweni, lokhu okubizwa ngokuthi i-duet, babuye bazilungiselele ekhaya.
Ngakhula ngihalela ukuthi nami ngelinye ilanga ngime phambi kwabantu ngibajabulise, njengoba kwakwenza abazali bami. Abazange bangiphoqe kodwa ukuba ngibe umculi, kwazisukela kimi nje.
Msakazi : Kodwa pho kungani wena ucula olunye uhlobo lomculo?
Mculi : Ngicabanga ukuthi ukuwufunda phansi ngibe nolwazi ngawo, nokukhula ngilalela uhlobo oluthile lomculo kwangenza ukuba ngicabange ukwehluka kubazali bami. Kwangijabulisa futhi ukuthi abazange babe nenkinga ngalokho.
Bayawahambela amakhonsathi bazongilalela, bahlabe lapho bethanda ukuhlaba khona babuye bancome futhi uma kunesidingo.
Incwadi eya kuMhleli ifana nencwadi yomsebenzi kepha kukhona nakuyo okudingeka sikuqikelele ngayo.
Iveza uvo lombhali wayo ngento ethile.
Inika imininingwane ethile ukuze leyo mininingwane yaziwe umphakathi.
Ikhala ngokuthile. Kuyavama ukuba uma umuntu enezikhalo azikhiphe ephephandabeni kunoma aziqondise lapho zifanele ukuya khona. Inhloso ukwenza abaphethe bazazi izikhalo zomphakathi nabanye bazame ukulungisa lokho okungalungile ngokushesha ukuze bangahlambalazeki. Kwenye inkathi umbhali usuke enziwa ukuthi abaphethe basuke bengaziphenduli ngokufanele izikhalo zomphakathi.
Ibuza okuthile kubafundi bephephendaba, kepha ibe iqondiswe kumhleli.
Incwadi iqondiswa kuMhleli. Noma ngabe uphendula okuthile okuvele ephephandabeni kepha yena uqondana noMhleli.
Iphephandaba lizama ukonga isikhala ngakho-ke alikufuni ukuthemeleza.
Iphephandaba alifuni ukuqhatha umphakathi, ngakho-ke amazwi ayinhlamba noma ajivazayo aliwafuni.
Incwadi kufanele ibe nekheli eliphelele lombhali, igama nesibongo. Uma umbhali engathandi kukhishwe igama lakhe lempela, uyasho kodwa libekhona elempela liphelele futhi.
Isihloko sendaba angazibhalela yena phezulu encwadini yakhe, kodwa uMhleli angasiguqula ngokubona kwakhe.
Incwadi ayisayinwe umbhali ukuze iphephandaba livikeleke.
Ukugxeka ngokwakhayo kuyindlela esebenza kahle kakhulu kulolu hlobo lwencwadi.
UMhleli unelungelo lokuthi angayikhiphi mpela mpela incwadi uma ebona kunesidingo.
Isingeniso - Bhala ngamafuphi isizathu sokuthi kungani ubhale le ncwadi.
Umzimba - Bhala wenabe ngesihloko ubeke izizathu zakho. Lokhu kungaba yizigaba ezimbili noma ezintathu.
Isiphetho sendikimba - Phetha indikimba yencwadi yakho.
Isiphetho sencwadi siba negama nesibongo sobhalayo, kanye nobulili noma isikhundla.
Ngisho sekuzinsuku zokuvota amaqembu awakhohlwa ukukhumbuza abavoti ukuthi azobenzelena lapho eseqhoqhobele izintambo zombuso. Imihlola! Izimoto abanye abavoti abagcina ngokuzibona zibathela ngothuli mihla namalanga bazigibela okokuqala nokokugcina ngalezo zinsuku. Ngisho amatekisi namabhasi awakhokhelwa. Kuba sengathi abantu abanezimoto basuke betsheliwe ukuthi selekeleleni bo ukukhombisa umphakathi ukuthi sizowenzelani uma uke wasivotela. Emakhaya ubona amakalishi ezimbongolo anamasondo angalingani eya noma ebuya ezikhungweni zokuvota. Emalokishini abanikazi bamakalishi adonswa ngamahhashi ahlale ehla enyuka kudayiswa amalahle nabo babamba iqhaza. Emakhaya abantu balekelela ngamakalishi ezinkomo ngisho nezihlibhi imbala. Uyadlala wena! Kusetshenziswa ngisho amabhala imbala ukwelekelela emnyangweni wezokuthutha.
Ngalezo zinsuku kuba nemana kodwa engaveli eZulwini. Lapho abavoti beme imigqa emide elangeni elibhadlisa ubuchopho, emvuleni eyidlivayo, emakhazeni ashubisa umkantsha, basuke beqashwe ngeso lokhozi. Okhwehlelayo uluthola ngokushesha usizo, osekhathele ukuma uzanyelwa isitulo ngokushesha. Izingane zanamuhla zidume ngokungahloniphi nje kodwa ngezinsuku zokhetho ziyakwazi ukubona abantu abadala nabagulayo zibaphuthumise bavote ngokushesha. Ongahlafuni ngalezo zinsuku usuke engathandi. Kwezinye izindawo kuba khona izinkwa neziphuzo zamahhala ezihlelelwe abavoti.
Lowo mbuso uphela ngalolo suku. Amanye amaqembu ayazishaya bandal abuye azozibongela kubavota lapho izinto ziwahambele kahle. Amanye awabe esabonwa nangokhalo. Amanye uzwa kuthiwa avalelana emahholo nasematendeni amakhulu asolane wodwa. Nalawo asuke esekhonyana phakathi kwabavoti aye anyamalale lapho sekuvulwa iPhalamende. Okwenzeka lapho kwenza abavoti babambe ongezansi. Abakhonjelwe izikhundla ezinkulu bathatha izihlalo zabo. Lapho imisebenzi nezimali sekwabiwe ngononina, kuyaphunywa kuyosetshenzwa.
Emisebenzini abaholi bayaqala ukuziveza ubunjalo babo. Kubukeka sengathi kuba yilowo nalowo akhumbule izihlobo nabangani bakhe. Bakhona abacabangela amalunga amaqembu abo abamba iqhaza ekukhethweni kwabo. Bakhona nalabo abakhumbula omakhelwane babo. Kuvela imikhakha ngemikhakha yabaholi. Ngisho nomakhwapheni bayahlomula kulokhu. Okubuhlungu ukuthi abavoti abangamalunga omphakathi nje ababe besakhunjulwa lapho seyidubukele. Yehla njalo le nkohlakalo ize izofika emazingeni aphansi.
Amanye amalunga athile amaqembu ayakwazi okungenani ukucoshacosha imvuthuluka esala lapho izikhulu zabelana ngemisebenzi nomnotho. Amalunga omphakathi angacheme namaqembu asala kanjalo. Ngiyasola abasezikhundleni basuke sebelibele ukuthi akuwona wodwa amalunga amaqembu avotela amaqembu abo. Amanye amavoti amaqembu awathola emalungeni omphakathi nje. Awabe esakhunjulwa nhlobo lawo mavoti. Amalunga omphakathi nje aze akhunjulwe yilawo angomakhwapheni balabo abasemagunyeni.
Lolu hlobo lwencwadi lwehlukene kabili. Kuya ngokuthi ubani omenywayo. Uma isimenywa kungumuntu omkhulu iba namakheli amabili kuthi uma kumenywa umngane noma isihlobo libe linye.
Isimemo somhlangano siyincwadi ehlanganisa uhlelo lomhlangano ememela emhlangweni amalunga enhlangano ethile. Isimemo somhlangano siba nohlelo lomhlangano ukuze amalunga omhlangano azi kusenesikhathi okuzokhulunywa ngakho emhlanganweni. Lokhu kusiza amalunga afike emhlanganweni esezilungiselele ukuthi azothini ngezihloko ezizodingidwa emihlanganweni.
Usuku okuzohlanganwa ngalo.
Indawo lapho kuzohlanganelwa.
Isikhathi okuzohlanganwa ngaso.
Igama likanobhala nekheli lakhe.
Isimemo somhlangano singabhalwa njengencwadi noma njengezimemo ezejwayelekile.
Amalunga omphilandawonye, Indonsa ayamenywa emhlanganweni oyoba semahhovisi ale nhlangano zingu-1 kuMbasa 2009 ngo-11:00.
Amaminithi omhlangano angokufingqiwe okwakukhulunywa ngomlomo emihlanganweni. Abhalwa agcinwe ngenhloso yokulondoloza okwakukhulunywa kwavunyelwana ngakho ukuze kungalibaleki, kungalahleki, nezinqumo zigcineke. Lowo obhala amaminithi kumele aqikelele ukuthi akabhali konke okukhulunywa emihlanganweni, kepha kubhalwa iziphakamiso nezinqumo. Amagama abethule iziphakamiso kanye nalabo abasekelile kuyenzeka abhalwe. Akumele lowo obhala amaminithi abhale ukuphaphalaza, ukuphikisana, ukwedelela kanye nokuxabana.
Uma umuntu ekhuluma nge-ajenda akwenzeki angakhulumi ngamaminithi omhlangano kanjalo nalapho ekhuluma ngamaminithi kuthinteka ne-ajenda yomhlangano. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uthisha afundise abafundi i-ajenda yomhlangano kanye namaminithi omhlangano kanyekanye. Kumele kwenzeke okufanayo nalapho abafundi sebevivinywa, babuzwe nge-ajenda kanyekanye namaminithi omhlangano.
Umhlangano waqala ngo-5 ntambama. UMnu. Masilela wavula ngomthandazo. UMphathisihlalo wabonga uMnu. Masilela ngomthandazo wase emukela wonke amalunga ayekhona emhlanganweni. Ngemuva kokwaziswa kwabaxolisile uMphathisihlalo wabe esechazela inhlangano ngenhloso yomhlangano.
Unobhala wafunda amaminithi omhlangano odlule owawungomhlaka- 14 kuNhlolanja 2008. Umhlangano wemukela njengerekhodi eliyiqiniso lalokhu okwakubhungwe ngakho.
Azibanga biko izindaba ezivuka emaminithini.
Amalunga akhetha abaholi abalandelayo kanje: UMnu. Jabulani Masilela waqokelwa ukuba ngusihlalo, uSizakele Gabuza waqokelwa ukuba umgcinimafa kwathi uGladys Sokhela waqokelwa ukuba ngunobhala.
UMnu. Jabulani Masilela wabonga abahola abadala ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla ukuhola nokuthuthukisa inhlangano. Wabe esephonsa inselelo kumalunga yokuthi esikhathini esizayo kunganjani kekubuyekezwe umthethosisekelo wenhlangano, kuboniswane ngesigatshana esithi akekho umholi oyoqokelwa isikhundla sobuhola iziwombe ezintathu kulandelana.
Umphathisihlalo wabonga amalunga ngeqhaza alibamba kulowo mhlangano. UMnu. Mbhele wavala ngomthandazo ngehora le-18h00.
Uma amalunga enhlangano ethile engagcilusekile yizimo ezithile ezenziwa yizikhulu, avumelekile ukuba asole. Indlela akwenza ngayo lokhu ukubhala indaba-mbiko. Ekuqaleni kumele kuvele ukuthi iziphakamiso lezo zimaqondana nani, ziqondiswe kubani futhi zenziwe nini. Indlela ebhalwe ngayo yehlukile kuleyo yokubhala incwadi. Ayinaso isingeniso nesiphetho. Ibhalwa ibe ngamaphuzu ahleleke kahle ukuze ifundeke kalula.
Amalunga ebandla elithile awagculisiwe ukuholwa ngumfundisi webandla osanda kufika ebandleni.
Indaba-mbiko eya kumfundisi omkhulu elokishini laseMlazi emaqondana nesimo esingagculisi.
Umfundisi wethu ungumZulu kodwa ushumayela ngolimi lwesiNgisi. Ibandla lethu lixube abantu abafundile kanye nalabo abangasazi nhlobo isilungu. Umfundisi uthi izinsumayelo zakhe azifinyelele kanjani kuwo wonke amalunga ebandla.
Amalunga ebandla avumelana ngokuthi isonto lingene kugamenxe ihora leshumi ekuseni bese liphuma kugamenxe ihora leshumi nambili. Umfundisi wethu uhlala ekhuthaza amalunga ebandla ukuthi agcine isikhathi sokungena, okuyinto enhle nokho. Lapho inkonzo isingenile akabe esayihhoya eyokuthi kumele kuphunywe kugamenxe ihora leshumi nambili. Selokhu uqalile lo nyaka isonto liphuma ligamenxe ihora lesibili kuya ehoreni lesithathu. Amanye amalunga aseze aphume isonto lingakaphumi.
Selokhu kufike umfundisi isonto seliphenduke isikhungo sokuzakhela inzuzo. Njalo ngamaSonto kubakhona okuthile okudayiselwa amalunga ebandla, phakathi esontweni ngesikhathi sesonto. Amanye amalunga ebandla asehudula izinyawo ngoba egwema ingxabano engakhona lapho ephonsela umfundisi inselelo ngalesi senzo sakhe.
Umfundisi wemukela imali yomnikelo esukela emarandini alishumi kuya phezulu. Umuntu onikela ngemali engaphansi kwaleyo uthola ukuphoxeka ngoba umfundisi uvele ayisahaze phansi. Umfundisi uyakhohlwa ukuthi amandla abantu awalingani. Amalunga azihluphekelayo azithola esenkingeni.
Umfundisi ufike nomthetho ozoliqeda nya ibandla othi imali yethikithi izokhuphuka ngamaphesenti alishumi njalo ngonyaka. Kuzokwenzeka kanjani lokho njengoba imisebenzi yentuleka kangaka?
Umfundisi uphoqelela amalunga ukuthi akhokhe imali eyisinqumo yokukhokhela umuzi wakhe kanokusho awuthenge eDurban North. Indlu yebandla eyakhelwa abefundisi bebandla akafuni nakuyibona. Usho nokusho ukuthi yena angeke ahlale elokishini.
Umfundisi wethu akayihambeli yonke imicimbi yamalunga ebandla. Lapho kungcwatshwa amalunga ebandla uba khona kodwa akalubeki lapho kuvulwa amatshe. Ukubeka kucace ukuthi yena akayihambeli imicimbi yamadimoni.
Amalunga ebandla acela ukuba uma kwenzeka umfundisi omkhulu abize umhlangano wamalunga ebandla kanye nomfundisi webandla kuzofunwa izixazululo zezinkinga ezikhungethe ibandla.
Ibhrosha ipheshana elichaza kafushane ngendawo noma umkhiqizo othile ngenhloso yokuwudayisa noma ukuheha abantu. Ibhalwe ngendlela yokuheha abantu ngakho-ke amagama asetshenziswayo akhethwa ngendlela engahlaba umxhwele yenze ukuba abantu bafise ukuthenga. Ithinta izihlokwanana ezimbalwa ezibalulekile ezichazela abathengi ngokutholakala kuleyo ndawo noma kulowo mkhiqizo.
Nazi izinto ezibalulekile okumele zishiwo ngomuntu ongasekho: Amagama akhe aphelele, usuku azalwa ngalo, ezalwa ngobani, ezalelwaphi, izikhungo zemfundo adlula kuzona, wazuzani emfundweni yakhe, izindawo asebenze kuzona, izikhundla azitholile, usuku ahambe ngalo emhlabeni, abantu abayigazi lakhe abashiya emhlabeni njengomyeni wakhe noma unkosikazi, izingane, abazali, abazukulu, nokunye okubonakalayo ukuthi kungesale.
Uma kubhalwa umlando ngomufi, kuqalwa ngesihloko esigqamile esinamagama akhe aphelele, bese kubhalwa konke-ke lokhu esesikubalile ngenhla. Ekugcineni kungaphethwa ngomusho omfushane wokumvalelisa, njengokuthi: Lala uphumule, Mntungwa, noma iNkosi mayikuphe umphumulela wafuthi noma-ke ngamanye nje amagama anesizotha.
I-edithoriyali ibhalwa nguMhleli wephaphandaba elithile eyiqondise ephephandabeni angumhleli walo. Inhlosonqangi ukuhlaziya isimo esithile esingundabamlonyeni kwabezindaba kanye nokuvulela ithuba le nkulumo-mpikiswano kulabo abathintekayo noma labo abafisa ukwazi ngesiphetho sodaba lolo. Isihloko sakhona kumele simhehe umfundi wephephandaba. Isingeniso sakhona sethula noma siveza umbono woMhleli wephaphandaba ngesihloko. Umzimba we-edithoriyali wethula amaphuzu asekela umbono noma imibono yoMhleli. Kumele ulimi olusetshenziswa lapho luhambisane nabafundi. Kumele kusebenze ikakhulu amagama achasisayo. Kusetshenziswa amagama afana nalawa: okokuqala, okwesibili, okwesithathu, ngakho-ke, njll. Isiphetho sakhona sisonga inkulumo-mpikiswano, kwesinye isikhathi uMhleli ugcina ngukbhala iziphakamiso.
Ngezinsuku zokugcina zokukhankasa kwamaqembu ekhankasela ukhetho kunezinto eziningi ezingahambanga kahle. Abantu babelindele ukuthi kwakuzothi kungadlula ukhetho bese kwehlukanwa nezinto ezinjalo.
Lokhu kubandakanya iqembu likaKhongolose elasebenzisa budedengu amandla okuphatha, njengalapho umNyango weSocial Development unikeza abantu izijumba zokudla - okukhokhelwa ngabakhokhi bentela - njengemana evela eqenjini likaKhongolose. Kwenye inkathi abantu babenganikwa izijumba lezo uma bengakhombisi amakhadi obulunga benhlangano kaKhongolose.
Ukusetshenziswa kwamandla budedengu kwakubandakanya oNgqongqoshe bakaZwelonke kanye nabeZifundazwe bekwenza lokho bebe beqhuba umsebenzi wombuso, kokunye bephelezelwe nguJacob Zuma uqobo lwakhe, owayesenguMongameli we-ANC kuphela ngaleso sikhathi.
Ngisho abasebenzi bakaHulumeni bayabalwa kule nkohlakalo. Abanye babeya emsebenzini begqoke izikipa zika-ANC kodwa abazange banqandwe ngabaphathi babo kulokho. Labo ababezama ukuveza ukuthi leso senzo siphambene nobulungiswa babengabekezeleki ngezindlela ezehlukene.
Esinye isibonelo sale nkohlakalo sagqama lapho uSiphiwo Hewana, owayenguMkhuzi wekamu lamaphoyisa iGoodwood Police Station, eKapa owabekwa icala lokuzama ukuvikela ukusebenza kwengalo yomthetho ngokuzama ukufihla obunye ubufakazi ecaleni likaTony Yengeni lokushayela imoto edakiwe. Lapho kuzanywa ukuxhumana noHewana, umakhalekhukhwini wakhe wawuzwakala ukhala wodwa, udlala iculo elithi 'Umshini Wami'!
Ezinyangeni ezimbili ezedlule i-ANC yaphumelela okhethweni. Ucabanga ukuthi inkohlakalo yaphela mhla kufungiswa amalunga ePhalamende Yaphela emiqondweni kuphela. Kunalokho i-ANC izinikele ekuqhubeni inkohlakalo kakhulu kunakuqala. Indlela yokucabanga ye-ANC ukuthi: Mina nawe singenzani ngalokho?
Kwaba yisenzo esihle ukuthi uMongameli uZuma ahambele iqembu lesizwe iBafana Bafana ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano weConfederations Cup. IBafana Bafana yayikudinga kakhulu ukugqugquzelwa nokuzwa ukuthi isizwe siyeseka kangakanani. Lokho kuzwakala kahle uma kwenziwa nguMongameli wezwe.
Sasingekho nesincane isidingo sokuthi uZuma acule 'uMshini Wami'. 'UMshini Wami' akulona iculo lesizwe, kuze kungcono elithi 'Shosholoza'. Muva nje uZuma useguqule iculo elaliculwa kakhulu i-ANC ngezikhathi zomzabazo walenza elakhe.
Leli culo laba yisikhali sakhe ngokokuqala lapho ekhomba ngenjumbane lowo owayenguMongameli uThabo Mbeki ngokumehlisa kwakhe esikhundleni sokuba yisekelaMongameli, kulowo wesifazane owambophisa ngecala lokundlwengula nakuNational Prosecuting Authority ngokumethwesa amacala okukhwabanisa nenkohlakalo. Wayehloseni uZuma ngokucula leli culo mhla evakeshele iBafana Bafana Wakwenzelani ukuba afake abadlali incindezi yokuthi bakhethe ukucula naye noma bathule?
Konke lokhu kwakuthumela muphi umlayezo kubantu Ukuthi ngamalunga kaKhongole kuphela okumele ahambele imicimbi kaHulumeni (yesizwe) Kwakuchaza ukuthi uZuma wayekhohlisa isizwe uma ethi uzoba nguMongameli wabo bonke abantu, ngisho nalabo abangazange bavotele uKhongolose?
Ukubiza labo abaveza le nkohlakalo ngezitha zikaZuma, akuzukuliguqula iqiniso lokuthi iNingizimu Afrika isengcupheni.
I-athikhili yephaphabhuku iyindlela yokuletha ulwazi, inguquko, imininingwane ethile mayelana nalokho umhleli afuna ukukwedlulisa noma afuna ukukukhangisa. Umhleli angasebenzisa ifonti ehlukahlukene, imibala ehlukahlukene futhi egqamile, imidwebo ehlukene ukugqugquzela, ukuthengisa umqondo othize. Kungabhalwa namagama athize okunezelela okushiwo yizithombe.
UHulumeni angahle alubhekisise kabanzi udaba lokuphasisa umthetho wokuhweba ngomzimba - umthetho ongaletha injabulo kumayengandoda aseNingizimu Afrika.
Kudala amaqembu amele amayengandoda aphakamisa ukuthi ukuhweba ngomzimba kube semthethweni kuleli zwe.
Ukugunyazwa okunemibandela kwamayengandoda amadala ngeminyaka.
Ukulawulwa komthetho wamayengandoda amadala ngeminyaka.
ULalu uthe yize kungacaciswanga kahle embikweni ukuthi kumele uguqulwe kanjani umthetho, njengoba kuseyisiphakamiso nje, bayakwemukela ukuthi sekuyisikhathi soguquko.
Uqhube wathi bekumele kuqale kuphawule amalunga omphakathi kuqala ngaphambi kokuthi lo mbiko uye ePhalamende. Ngenxa yokuthi akwenzekanga lokho, uyangabaza ukuthi kuzothi kufika unyaka we-2010 umthetho usuphasisiwe, okukanye usungumthetho wesikhashana.
Ezinye izinhlangano ziyaphikisana nanoma yimuphi umbono owesekela ukugunyazwa komthetho wokudayisa ngomzimba.
Amalunga omphakathi analo ithuba lokuthumela iziphakamiso zawo ezibhaliwe noma ezethulwa ngomlomo.
Umbiko ungaba ngento umuntu ayibonile, ayizwile okukanye into ayenzile. Imibiko ivama ukubhalwa ezikhungweni zemisebenzi. Kungaba umbiko wezimali, umbiko, ngomphumela womdlalo, ngeziboshwa ezeqe ejele. Njengoba imibiko imayelana nezinto ezinhlobonhlobo, kanjalo nendlela imibiko ebhalwa ngayo iyehlukahluka.
Inhloso yombiko ukwedlulisa ulwazi oluthile.
Amaphuzu kumele abe liqiniso, kungabi imbono.
Amaphuzu kumele aphathelane nesihloko.
Amaphuzu kumele abhalwe abe ngamapoyinti.
Ulimi olusetshenziswayo kumele luhambisane nalowo noma labo umbiko oqondiswe kubo.
Ukuze umbiko uzwakale kahle kumele ubhalwe ngomuntu wesithathu okukhulunywa ngaye.
Kumele umbiko ube nesihloko esishoyo ukuthi umbiko umayelana nani.
Isihloko kumele sibe negama lomuntu noma abantu umbiko oqondiswe kubo.
Kumele kubhalwe indlela elandeliwe ekubhaleni umbiko.
Kumele kubhalwe lokho okutholakale ocwaningeni.
Kumele kube nesiphetho.
Kumele kube neziphakamiso.
Kumele ekugcineni umbiko usayinwe.
Kumele futhi umbiko ube nosuku.
Ukuxoxisana nothisha bezikole zendawo.
Ukuxoxisana nabazali babafundi.
Ukuxoxisana namalunga omphakathi nje.
Ukuxoxisana nabaholi bomphakathi.
Ukuxoxisana nemikhandlu yabazali.
Ukuxoxisana nemikhandlu yabafundi.
Ukuxoxisana namaphoyisa endawo.
Othisha banesandla ekubhebhethekiseni udlame ngoba babamba imihlangano ngasese nabafundi.
Kunothisha ababanga izikhundla zokuphatha ezikoleni.
Abazali banesandla ekubhebhethekiseni udlame ngoba imihlangano yangasese ibanjelwa emizini yabo nalabo abakubonayo lokho bayihlaba inhlali.
Abaholi bomphakathi abezwani bebodwa ngenxa yobulungu ezinhlanganweni zombusazwe.
Ziningi izimbangela zodlame neziteleka endaweni yaseQhudeni kanti zibonakala zidalwa yiwo uqobo amalunga omphakathi, kubandakanya nothisha. Kudingeka umhlangano kakhukhulela ngoqo wazo zonke izinhlaka zomphakathi ukuze kuvulelwane izifuba bese kuqhanyukwa nezixazululo ezingaba yikhambi elelaphayo.
Othisha abayeke ukubamba imihlangano ngasese nabafundi.
Abafundi ababoniswe ububi nemiphumela yodlame.
Abaholi bomphakathi abahole umphakathi ngeqiniso.
Abaholi bomphakathi ababambe imihlangano namalunga omphakathi ukuze umphakathi uveze izikhalo zawo.
Abaholi abafunde ukuhloniphana.
Amaqembu epolitiki awafunde ukubekezelelana.
Uhlelwe ngu: N.N.
Ukuchazwa kwesigameko: NgoLwesibili ekuseni mhlaka zingama-30 kuNhlangulana kuse ikilisa eligcina amakhompyutha ligqekeziwe amakhompyutha angama-20 etshontshiwe. Lokhu kwenzeke naphezu kokuthi isikole sinonogada waso ogada zonke izinsuku. Icala lokugqekeza kanye nokutshontshwa kwempahla livulwe ngumphathisikole ekuseni ngoLwesibili ngehora lesi-09h00. Kutholakale umakhalekhwini iNokia 1650 emnyama phakathi ekilasini.
Umseshi ophethe icala: USayitsheni Z.P.
Uma abafundi bezokwenza inkulumo kumele bakhumbule ukuthi abantu abefani ngamasiko, ngezinkolelo, ngemfundo, ngabakuthandayo nokunye. Ngakho-ke kumele umfundi acabange ukuthi bazosithanda yini isihloko sakhe, futhi bazi kangakanani ngaso, bazowezwa yini amagama ahambelana naleso sihloko labo azokwethula kubo inkulumo.
Yini inhloso yenkulumo?
Lapho abafundi beqoqa ulwazi ngesihloko abazokhuluma ngaso kufanele bazi ukuthi baqonde ukubajabulisa nje, ukubafundisa okuthile, noma ukuba balandele imibono yabo labo abalalele. Lapho sebekhuluma abaqikelela futhi ukuthi ngabe abalalele bayajabula, bayezwisisa noma bayayemukela yini le nto abayishoyo..
Kubalulekile ukuthi umfundi ozokwethula inkulumo azilungiselele ngokwenele. Ukuzilungiselela kubandakanya ukubhala amaphuzu ephepheni.
Kubalulekile ukuthi isihloko sibe nokuthi inkulumo izokwenziwaphi, ngubani ngaluphi usuku futhi sethule ingqikithi yenkulumo.
Kumele oxoxayo abingelele abakhona ngezinhlelo zabo, abakhulu nabancane, abalandelanise kahle ngokwamazinga abo emehlweni omphakathi.
Isingeniso kumele sihehe sibe sifushane siphoqe abantu ukuba balalele.
Indatshana ehlekisayo kodwa ephathelene nazokusho.
Umbuzo odinga impendulo ephathelene nazokusho.
Owethula inkulumo angalokothi enze izixoliso, njengokuthi "Nixole ngoba angikwazanga ukulungiselela le nkulumo." Lokhu kuqeda umdlandla kwabalalele. Akenze abalaleli babenesasasa kwakushoyo.
Uma ekhuluma akasebenzise izandla, isimo sobuso, amehlo, kodwa hhayi ngokweqile.
Amehlo akhe awahambe indlu yonke angakhombisi ukwesaba, ukungakhululeki kumbe ukwethuka.
Ukuze inkulumo ivuse isasasa kwabalalele, owethula inkulumo akaguquguqule izwi, lizwakale ngokucacile, lilandele indikimba yakhe; ukuphakamisa izwi kukhombisa isasasa, ukulehlisa kukhombisa ukuthi kukhona azokusho. Akangahlebi futhi angamemezi, kuphela akazikhohlwe ukuthi ungubani umqondo wonke wakhe ubesenkulumweni. Akalandelanise kahle amaphuzu ukuze inkulumo izwakale kahle. Akasebenzise izibonelo amahlaya nokunye okufuze lokho.
Akangalokothi ethuke noma abukele phansi labo abamlalele.
Akangayenzi inkulumo yakhe ibe yinde kakhulu kuze kuphele umdlandla kwabalalele.
Inkulumo ayifeze inhloso yomethuli wayo.
Ukuze isiphetho sigculise, umlaleli azizwele ukuthi uzuzile, kumele oxoxayo aphethe ngesiphetho esifanele, esifushane nesinembayo.
Angafingqa inkulumo yakhe ngokugcizelela amaphuzu asemqoka awashilo.
Ngiyabonga Mphathihlelo ngethuba onginika lona. Ngiyabingelela kubaphathi bemfundo abakhona, kuMphathisikole, kothisha, kumalunga omkhandlu olawula isikole, kubazali, kubafundi, ezivakashini ezikhona kulolu suku olukhulu kangaka.
Kungenzeka ukuthi phakathi kwenu bakhona abalindele ukuthi njengoba ngimude kangaka nje nenkulumo yami izoba yinde. Ngiyazithanda izinto nezimo ezimfishane. Kulabo abaqaphelisisayo bazovumelana nami kulokhu. Abanye benu bazomkhumbula umngani wami obefundisa eHlubi, uMnu. N.V. Zungu. Besithi uma sihamba sobabili sibhale igama elithi "if". Namuhla nangu omunye umngani wami esisebenza naye uMnu. S.A. Ndebele, nakuye yiso leso.
Uma abantu sebengaphezu kwababili, kuyavama ukuthi bahlangane ngenjengo ethile. Isikole singenye yezikhungo lapho kuhlungana khona abantu abaningi ngezinhloso ezithile. Isikole ngasinye sibandakanya othisha, abafundi kanye nabazali. Kothisha kubakhona uthisha oqokelwa ukuba ahole isikole. Nabazali ngokunjalo babakhona abakhethwa ngabanye ukuba babe liso labo. Kwezinye izikole kuze kube khona nabafundi abamele uquqaba lwabafundi.
Ngizocela kesibuke ngamehlo engqondo amadoda aqubula inyama yenkabi enkulu ehlatshiwe. Kuthi lapho eseqedile ukuyihlinza ayiqoqele ndawonye esikhumbeni. Kuba khona insizwa eligagu ezihola phambili. Kaningi ungezwa isithi, "Sandla ngena la!". Lezi ezinye izinsizwa zibe sezilandela, ziphinde amagama ayo. Iyaqhubeka ithi, "Qu yasuka insimbi"!. Ziyayivumela lezi ezinye izinsizwa. Ngokwenzenjalo zisuke zisafuna ukuzwa isisindo sencoso. Uma ilula kakhulu ziyayengeza kanti uma isinda kakhulu ziyayiphungula. Uma isisindo sesingangamandla azo zihamba nayo. Zisho kanyekanye zithi, "Hamba naye!". Ngokwenzenjalo akube kusezwakala ukusinda kwenyama. Omama bayakikiza kube njeya. Lokho kubanikeza umfutho labo abatatamisa inyama. Uma kukhona insizwa ebambe yayekethisa, inyama iwela ngakuyo.
Uma ngibuka isikole, ngibuke la madoda atatamisa inyama, ngibona kunento efanayo kulezi zimo ezimbili - ukubambisana. Lapha esikoleni uNgwane ngimfanisa nale nsizwa ezihola phambili. Uma engelona igagu kuzokuba lukhuni kuhle kokukhipha umbokwane emanzini ukufukula abafundi. Uma eligagu othisha bazobamba bafukule kanyekanye. Ngaleyo ndlela abazali bazozithola bekikiza. Ngokwenzenjalo othisha bazozizwa benamandla amaningi, bazizwe benothando lomsebenzi.
Kunciphe izinkinga ngaphakathi esikoleni.
Anciphe amahora lapho kuxazululwa izinkinga ezidaleka ngenxa yokungabambisani.
Baphumelele ngamalengiso abafundi.
Basho abazali baseNquthu bathi, "Kuyafundwa eMgazi".
Njengemibhalo yonke kufanele kubekhona isingeniso. Esingenisweni yilapho kwethulwa khona udaba oluzoxoxwa, nokuthi luzoxoxwa ngobani.
Amagama alabo abakhulumayo abhalwa ngasesandleni sokunxele, abe mafishane nesibongo singasetshenziswa. Akubhalwa lutho ngaphansi kwamagama alabo abakhulumayo.
Kubhalwa ikholoni emva kwamagama abantu abakhulumayo.
Ukukhethwa kwamagama kumele kukhombise ukwehlukana kwezinga lalabo abakhulumayo. Isibonelo ubaba uma ekhuluma nendodana, ingane yesikole uma ikhuluma nothisha.
Ukuthi inkulumo-mpendulwano iqala ngesingeniso akusho ukuthi akubekhona isigaba esiyisiphetho. Isiphetho sendaba siba senkulumweni yabo, kuzwakale ukuthi isiyaphetha.
Ingaphetha ngokuba bezwane noma bangezwani kuye ngokuthi udaba ebebeluxoxa luhamba kanjani.
Umnumzane Manzini ukhuluma nendodana yakhe uThabo ofika phakathi kwamabili abangqongqozele ukuze bamvulele.
Manzini : Uphumaphi ebusuku kangaka Thabo?
Manzini : Phendula umbuzo wami.
Manzini : Uthe uma ulibala lapho wacabanga ukuthi uzongena kanjani lapha ekhaya?
Manzini : Kukangaki ufika ngalesi sikhathi njengoba uthi ngeke uphinde nje?
Thabo : Bese ngikhohliwe, baba ukuthi kungaphezulu kwezikhathi ezimbili.
Manzini : Phendula umbuzo wami.
Manzini : Ungivusa phakathi kwamabili emzini wami nsuku zonke. Ucabanga ukuthi uyini lapha ekhaya wena?
uManzini : Ngoba nakhu siphazamisa abalele sizoyikhuluma ekuseni le ndaba.
Ibingaqhubeka inkulumo ize ifike lapho ifika khona njengoba kushiwo ngenhla.
Imemorandamu abanye bayibiza bayinqamulele bathi imemo. Imemo incwajana ebhalwa ngabaphathi ngaphakathi esikhungweni somsebenzi beyibhalela abasebenzi noma abasebenzi beyibhalela abaphathi. Iba nesibingelelo nesiphetho njengoba kwenzeka encwadini yobungani neyakuMhleli. Ngokuvamile kuyaye kube nefomu elihlelelwe lokho. Obhala imemo ugcwalisa leyo fomu. Imemo ingasetshenziswa ukwedlulisa imiyalelo, isifo esiveleli, umshado, nokunye, kubasebenzi.
Ngiyethemba ukuthi nonke nizovumelana nami ukuthi sithumele incwadi yokududuza inkosikazi yakhe nomndeni.
Sizokhumbula ukuthi ubengumuntu okhuthele kanjani ngaphakathi efemini ngisho nasemphakathini imbala. Uzokhunjulwa kakhulu ngekhono lakhe lokukwazi ukuhlanganisa abasebenzi nasekugqugquzeleni ezemidlalo.
Ngenyanga edlule uthathe ilivu yokugula ende.
Udlule emhlabeni izolo kusihlwa edlulela ekhaya kwaMashu.
Njengoba kudutshulwe kwabalawa uthisha kuleyo ndawo yaseQhudeni, thina singuMnyango WezeMfundo sibone ukuthi isikole sike sivalwe okwesikhashana, kunikezwe ithuba umthetho uthathe indawo yawo. Kuyothi isimo sesibuyele kwesejwayelekile sinazise ukuthi isikole sesingavulwa.
Idayari incwajana lapho umuntu ebhala khona izigameko eziphathene nempilo yakhe, izinto ezibalulekile afisa ukuzikhumbula, nokunye. Abanye idayari bayetha igama layo, isibonelo "Kunje-ke Emhlabeni!"
Kumele oyibhalayo abhale usuku phezulu.
Kumele ibhalwe ngolimi lo muntu okhulumayo.
Kumele ibhalwe ibe senkathini yamanje.
Kuyenzeka futhi ibhalwe ibe senkathini edlule.
Kanti kungenzeka futhi ibhalwe ibe senkathini ezayo.
Kumele kubhalwe izigaba ezimfishane.
Kusetshenziswa ulimi olukhululekile.
Ukuhlangana kwami noZakhele kungiphazamise kakhulu ekuzilungiseleleni iphepha lakusasa. Noma ngithi ngiyazama ukufunda akuvumi, ngisambona emi phambi kwami. Ngisawezwa amazwi akhe amnandi enkenteza ezindlebeni zami.
Bengingazethembi neze namuhla ngoba angikwazanga ukuzilungiselela kahle izolo. Noma kanjani ngizozidlela amahlanga nakuleli phepha lanamuhla.
Namuhla usuku lwami lokuzalwa. Ngizobe ngibungazwe ngabangani bami emqashweni ntambama ngehora lesithupha.
Ngemuva kokubhala iphepha lasekuseni ngizothi hulukuqu edolobheni ngiyobheka ukuthi abangifakelanga yini imali ekhaya.
I-imeyili yindlela yobuchwepheshe yokuthumela imibiko, izithombe nokunye ngendlela esheshayo kusetshenziswa amakhompuyutha. Le ndlela inhle kakhulu ngoba umuntu ukwazi ukuthumela ngisho umbhalo ongamakhasi amaningi ngesikhashana nje. Lapho umuntu othunyelelwe umbhalo eseqedile ukuwufunda uyakwazi ukuwugcina ukuze aphinde awufunde esikhathini esizayo uma kuvela isidingo. Nalowo owuthumele uyakwazi ukugcina ubufakazi bokuthi nebala wawuthumela umlayezo ngelanga elithile.
Umbiko: Amalunga omphilandawonye, Indonsa ayamenywa emhlanganweni oyoba semahhovisi ale nhlangano zingu-1 kuMbasa 2007 ngo-11:00.
Ifeksi ngumbhalo othunyelwa ngobuchwepheshe besimanje kusetshenziswa ucingo umbhalo usuka emshinini uya komunye umshini. Ngokuvamile lo mbhalo uba nekhasi eliba nemininingwane yalowo owuthumelayo kanye neyalowo umbhalo obhekiswe kuye. Leli khasi lisebenza njengemvilophu lapho kuthunyelwa incwadi. Yize umlayezo ushesha ukufika lapho uthunyelwa khona, ubuthaka befeksi ukuthi umbhalo oyimfihlo ungawela emehlweni nasezandleni ezingafanele.
Umbiko: Yemukela nali iphepha lokufaka imali ebhangi njengobufakazi bokuthi ngikukhokhele imali yakho ebekade iyisikweletu.
Unyazi ngumbhalo obhalwe ngamafuphi abantu abathumelelana wona besebenzisa omakhalekhukhwini. Lo mbhalo uvama ukungaluhloniphi neze ulimi kanye nezimpawu zokuloba. Kweqiwa onkamisa, izinhlamvu kanye nezimpawu ngokuthanda. Lapho lo mbhalo uqhathaniswa nenkulumo kamakhalekhukhwini, ubiza kancane.
Sawubona Mnu. Zulu i-Old Mutual ayinalo ikheli lakho le-imeyili. Uyanxuswa ukuba usithumelele yona.
Ifomu ipheshana elinezikhala ezigcwaliswayo ngoba kufuneka imininingwane ethile. Ziningi izinhlobo zamafomu ezigcwaliswayo. Kukhona amafomu okucela umsebenzi, okukhipha imali ebhange, okufaka imali ebhange, okucela izikhala zokufunda, njalonjalo. Kubalulekile ukuthi lowo ogcwalisa ifomu anikeze iminingwane yakhe eliqiniso, angashiyi izikhala ngenxa yobudedengu.
Ungaqala nini ukusebenza uma kungaba nguwe onikezwa lo msebenzi?
Uma uthi cha, nikeza ubuzwe bakho ungowakuphi?
Unayo imvume yokusebenza nokuhlala kuleli zwe?
Sewake watholwa yinkantolo unecala lokwephula umthetho okukanye waxoshwa emsebenzini?
OZAZIYO. Khetha emagameni afakwe kobakaki uqondanise nolimi ngalunye olwaziyo.
Bhala izindimi ozaziyo 1.
Kwaba yini imbangela sokushiya kwakho?
Uma ngabe wake wasebenza kunoma imuphi uMnyango kaHulumeni, ngabe zikhona izizathu ezingenza ungabe usaqasheka?
Izinombolo zocingo angathintwa kuzo ngesikhathi somsebenzi 1. 2. 3.
Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ngokwazi kwami ulwazi engilunikezile (kubandakanya noma iliphi iphepha engilithumele) luphelele futhi luyiqiniso. Ngiyazi ukuthi uma kwenzeka ukuthi kukhona ulwazi engilufakile olungelona iqiniso, isicelo sami siyohoxiswa ngisho ngabe umsebenzi ngiwutholile, ngibhekane nengalo yomthetho uma kunesidingo.
Ukukhangisa yindlela yokuheha abantu ngento ethile ethengiswayo ngenhloso yokuthi bagcine sebeyithengile yize bebengahlosile. Osomabhizinisi, imvamisa, basebenzisa izikhangisi ezinhlobonhlobo ukuchukuluza imizwa yabathengi. Isikhali esikhulu sezikhangisi ukuphindaphindwa kwemibiko kanye nokusebenzisa amazwa ayengayo. Ngaphandle kwezikhangisi zezinto ezithengiswayo kukhona izikhangisi zemisebenzi, zemicimbi, zabashonile, zabashadayo, kanye nokunye.
Kudingeka umuntu: Ophase uMatikuletsheni, onediploma ayithola kwelinye lamakholiji aqeqesha iziphathimandla zomgwaqo, izincwadi zokushayela (ikhodi 8) abe umuntu oneminyaka emithathu enza lo msebenzi.
Amafomu okufaka izicelo ayatholakala kuwo wonke amahhovisi kamasipala.
Amaphosta yimibhalo eyaye ibhalelwe ukukhumbuza abantu ngalokho okusemqoka ezimpilweni zabo. Angaqhamuka eyizimo ezehlukahlukene njengezithombe noma imidwebo. Ayaye abhakwe agqame ukuze umuntu awabone eseza le kude. Kumele futhi abe nomlayezo omfishane kodwa onembayo.
Imiyalelo yinkulumo etshela umuntu ukuthi akenzeni, kuphi kanjani, nini, njalonjalo. Le nkulumo ingashiwo ngomlomo noma ibhalwe phansi. Ukuze ifeze inhloso yayo kufanele icace, ingadidi, isebenzise ulimi oluzwakalayo futhi ingabi mide kakhulu ukuze lowo oyalelwayo ezokwazi ukuyilandela.
Abahlolwayo mabafundisise kahle imiyalelo ngaphambi kokuba baphendule imibuzo.
Abahlolwayo mabaphendule yonke imibuzo ekuleli phepha.
Abahlolwayo mababhale ngobunono bekati nangesandla esibonakalayo.
Abahlolwayo mabaqaphelisise isipelingi kanye nokwakheka kwemisho.
Empilweni kuyenzeka umuntu ahambele endaweni angayazi okudingeka ukuba abuze indlela kubantu ahlangana nabo. Umuntu olayela omunye indlela usebenzisa inkombandlela yokulayela. Inhloso yenkombandlela ukukhombisa umuntu othile indlela noma indawo ethile okumele aye kuyo. Kungaba indlela eya emzini thizeni, emsebenzini, esikoleni, eposini, esikhumulweni sezindiza, njanjalo.
Kuvele imigwaqo noma imizila umuntu azoyihamba.
Kuvele amagama ezindawo umuntu azodlula kuzo.
Kukhonjiswe imifula umuntu azoyiwela, izintaba azozidundubala, njalonjalo.
Umuntu olayelwayo alalelisise kahle ukuze athole lapho eya khona.
Lowo olayela omunye asebenzise ulimi oluqondile, olungezukumdida lowo olayelwayo.
Uzobe sewubona umuzi omkhulu onombhalo omkhulu othi 'NXA NGIPHILILE!'
Uma umuntu ezoba nomcimbi othile kudingeka ukuba ameme abantu, ikakhulukazi labo asondelene nabo nalabo ababamba iqhaza elithile ekwenzeni umcimbi wakhe ukuba ube yimpumelelo. Singabala imicimbi efana nemishado, ukuvula amatshe ezikhumbuzo, ukukhulisa izingane zamantombazane, nokunye. Amakhadi ezimemo singawehlukanisa kabili ngokwezakhiwo zawo. Kukhona amiselwe imigomo eqinile kanye nangamiselwe migomo.
Amakhadi amiselwe imigomo asetshenziswa kakhulu uma kunesikhathi eside sokulungiselela umcimbi lowo. Lokhu kuyavama uma kunemishado nokwembulwa kwamatshe.
Obhalayo ubhala njengomuntu wesithathu.
Izimpawu zokuloba azisebenzi kangako.
Umbiko kumele uphelele futhi ucace.
Umbiko uyaqonda ungathemelezi ngoba abashicileli babiza imali ngohlamvu ngalunye olubhaliwe.
Umbhali akazisayini ndawo.
Izimpendulo nazo zilandela imigomo njengezimemo. Zona zingaba uhlobo lwekhadi noma kubhalwe nje ngesandla.
Kumele lowo omenywayo asho ukuthi uzophumelela noma cha ukuze lowo ommemayo azi ukuthi zingaki izimeywa angazilindela. Lokhu kubalulekile, ukuze omemayo ezolungisa kahle.
Uma kuyoba umcimbi omkhulu izimemo zikhishwa kusasele amasonto amathathu, kanti uma kungasiyo indumezulu yomcimbi izinsuku eziyishumi nje zanele.
Uma umcimbi umncane, noma usukelwe phezulu, izimemo zingabhalwa ngesandla nje.
Uma kuyisidlo nje kufanele ikhadi libe nesikhathi okuyodliwa ngaso nokuthi umcimbi uyophela nini.
UNOMTHANDAZO oyobe usesontweni lamaLuthela eSharpville ngehora leshumi ekuseni ngoMgqibelo mhla zingama-25 kuNtulikazi 2009 kodwa bayadabuka ukungasemukeli ngenxa yohlelo lomcimbi ofanayo emndenini.
Sengathi umcimbi ungaqhubeka kahle.
Lena ngenye indlela yokuxhumana ngokubhala phansi ingxoxo emfishane. Ngokuvamile iphosikhadi lithunyelwa ngumuntu elithumela kumuntu amaziyo. Liba nekheli elilodwa lalowo othunyelelwayo, elibhalwa ngakwesokudla phezulu lapho kubhalwa khona ikheli lobhala incwadi yobungane. Emva kwekheli ngezansana kubhalwa isibingelelo, esingaba igama lalowo obhalelwayo bese kuqala indaba emfishane eyedluliselwa kulowo elithunyelwa kuye. Othumela ikhadi uvalelisa ngegama lakhe elaziwayo ngaphandle kwesibongo.
Ngahamba kahle ngisuka lapho. Izimpahla zami zagcineka kahle ngafika ekhaya ziphelele. Ngabafica. besaphila nasekhaya, bajabula kakhulu.
Le ncwadi ingumphumela wemizamo yomNyango WeMfundo wokusiza othisha nabafundi emshikashikeni wokufunda nokufundisa okuqanjiwe okuyizindaba neziqephu ezedlulisa imiyalezo. Uzongivumela sizovumelane ukuthi izinto ziyashintshashintsha kulo mhlaba esiphila kuwo. Ngakho-ke nathi kumele sihambe sivule amehlo lapho sihamba khona, siqhathanise lokhu esikusebenzisayo ekufundeni nasekufundiseni kanye nalokho okusetshenziswa ngabanye ozakwethu. Lokho kuzosenza sibone amagebe asekhonyana ekwenzeni kwenu bese siwavala. Ngaleyo ndlela azothuthuka amakhono ethu, zithuthuke izindlela esifunda sifundise ngazo, ibe mihle imiphumela yethu kanjalo sithuthuke nesizwe.
